Akufunyanwanga ezweni lonke abesifazane ababebahle njengamadodakazi kaJobe. Uyise wawabela ifa phakathi kwabafowabo.
UNumeri 27:7 - IsiZulu 2020 “Amadodakazi kaZelofehadi akhulume kahle. Uyakuwabela nokuwabela izwe eliyifa lawo kubafowabo bakayise, uledlulisele kuwo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle: Kufanele uwanike ifa phakathi kwabafowabo bakayise; futhi kumelwe uvumele ifa likayise lidlulele kubo. |
Akufunyanwanga ezweni lonke abesifazane ababebahle njengamadodakazi kaJobe. Uyise wawabela ifa phakathi kwabafowabo.
UnguYise wezinkedama, nomvikeli wabafelokazi; unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.
Zishiye izintandane zakho, Mina ngizozigcina ziphilile; abafelokazi bakho mabethembele kimi.”
“Abantu bakwa-Israyeli uyobatshela, uthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, ifa lakhe liyodluliselwa endodakazini yakhe.
UMose wabayala abantu bakwa-Israyeli ngokwezwi likaSimakade, wathi: “Isizwana sozalo lukaJosefa siqinisile kulokhu esikushoyo.
USimakade wayala ngamadodakazi kaZelofehadi, wathi mawagane lowo athanda ukumgana, kodwa kufanele agane emndenini wesizwana sikayise,
Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.
Eza phambi komphristi u-Eleyazare noJoshuwa indodana kaNuni, nabaholi bakwa-Israyeli, athi: “USimakade wayala uMose ukuba asinike isabelo sethu kanye nesabafowethu.” Ngakho-ke ngokomyalo kaSimakade wawanika isabelo sawo phakathi kwabafowabo ababezalwa ndoda yinye.