Amadodana abaphrofethi ayeseJerikho, ebuqamama, ambona, athi: “Umoya ka-Eliya wehlele phezu kuka-Elisha.” Asuka ayomhlangabeza, akhothama athi mbo emhlabathini phambi kwakhe.
UNumeri 27:20 - IsiZulu 2020 Uyobeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuze yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli imhloniphe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ubeke udumo lwakho phezu kwakhe, ukuze yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele. |
Amadodana abaphrofethi ayeseJerikho, ebuqamama, ambona, athi: “Umoya ka-Eliya wehlele phezu kuka-Elisha.” Asuka ayomhlangabeza, akhothama athi mbo emhlabathini phambi kwakhe.
USolomoni wahlala esihlalweni sobukhosi sikaSimakade waba yinkosi esikhundleni sikaDavide, uyise, waba nempumelelo; wonke u-Israyeli wamlalela.
USimakade wamenza waba mkhulu uSolomoni phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungakaze lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli eyamendulelayo.
Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.
ummise phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke, umgunyaze phambi kwayo ibuka.
Uyakuma phambi kuka-Eleyazare, umphristi, oyombuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaSimakade; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abakwa-Israyeli, yebo, nayo yonke inhlangano.”
UMoya kaSimakade uyokwehlela phezu kwakho, uphrofethe kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.
Kwathi lapho esuka kuSamuweli, uNkulunkulu waguqula inhliziyo yakhe yaba ngenye; zonke lezo zibonakaliso zehlela phezu kwakhe ngalolo lusuku.