UMakhiri wathathela uHuphimi noShuphimi abafazi, udadewabo kwakunguMahakha. Igama lowesibili kwakunguZelofehadi. UZelofehadi wayenamadodakazi wodwa.
UNumeri 27:1 - IsiZulu 2020 Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwasekufika amadodakazi kaSelofehadi indodana kaHeferi indodana kaGileyadi indodana kaMagiri indodana kaManase emindenini kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe; uMagila, uNowa noHogila noMilka noTirisa. |
UMakhiri wathathela uHuphimi noShuphimi abafazi, udadewabo kwakunguMahakha. Igama lowesibili kwakunguZelofehadi. UZelofehadi wayenamadodakazi wodwa.
UZelofehadi, indodana kaHeferi, wayengenamadodana enamadodakazi wodwa. Amagama amadodakazi kaZelofehadi yilawa: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.
Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi:
Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.