AbaLevi ababalwanga ngokwesizwana sokhokho babo njengezinye izizwana zakwa-Israyeli.
UNumeri 26:62 - IsiZulu 2020 Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngoba babengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, ngoba kabalinikwanga ilifa phakathi kwabantwana bakoIsrayeli. |
AbaLevi ababalwanga ngokwesizwana sokhokho babo njengezinye izizwana zakwa-Israyeli.
“Yisizwana sakwaLevi kuphela esingayukubalwa, awuyukusibala sona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.
Yilabo-ke abaLevi ababalwa nguMose no-Eleyazare, umphristi, ngesikhathi kubalwa abakwa-Israyeli emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho.
Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000.
Yonke imisebenzi yabozalo lwamaGerishoni nakho konke abakwenzayo nabayokwenza, kuyoya njengokuyala kuka-Aroni namadodana akhe, bayakuwamisela imisebenzi okumele ayenze.
Ngalokho uLevi akanasabelo nalifa kanye nabafowabo; uSimakade uyifa lakhe njengokusho kukaSimakade uNkulunkulu wakho kuye.
Yisizwana sakwaLevi kuphela uMose angasabelanga ifa, ngoba iminikelo yomlilo eya kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli yiyo eyifa labo njengoba asho kubo.
Kepha kwabesizwana sakwaLevi, uMose akabanikanga sabelo esiyifa labo; uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uyisabelo sabo, njengoba ayeshilo kubo.
Ngokuba uMose wayenike isabelo sezwe ezizweni ezimbili nengxenye ngaphesheya kweJordani, kodwa abaLevi akazange abanike sabelo.