Izizukulwane zabo wazandisa njengezinkanyezi esibhakabhakeni, waziletha ezweni owawulethembise okhokho bazo ukuthi ziyongena kulo, zilidle.
UNumeri 26:51 - IsiZulu 2020 Sebebonke abantu bakwa-Israyeli ababalwayo babeyizi-601 730. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu. Contemporary Zulu Bible 2024 Yilabo ababalwayo koonyana bakaSirayeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu. |
Izizukulwane zabo wazandisa njengezinkanyezi esibhakabhakeni, waziletha ezweni owawulethembise okhokho bazo ukuthi ziyongena kulo, zilidle.
Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.
Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.
Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.
Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo abahamba ngezinyawo bayizi-600 000, wena uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba bayidle inyanga yonke.’
Yilaba-ke ababalwa kubantu bakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo. Bonke ababalwa enkanjini ngamaviyo abo babeyizi-603 550.