ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”
UNumeri 26:5 - IsiZulu 2020 URubeni, izibulo lika-Israyeli: abozalo lukaRubeni: kuHanokhi: ngumndeni wabakwaHanokhi; kuPhalu: ngumndeni wabakwaPhalu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni: kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu; Contemporary Zulu Bible 2024 URubeni, izibulo lika-Israyeli: abantwana bakwaRubeni; u-Enoke, okuphuma kuye umndeni wakwaHanoki; kwaPalu umndeni wakwaPalu; |
ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”
Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.
Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni.
Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa, indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwangwa nasezizukulwaneni njengezibulo.
Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: kwakunguHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharmi.
Nazi izinhloko zokhokho ngokwezindlu zazo: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: nguHanoki, uPhalu, uHezironi, noKharimi. Yiyo-ke le imindeni kaRubeni.
Abozalo lukaRubeni izibulo lika-Israyeli, nazo zonke izizwe zakwa-Israyeli, ngokolibo lwabo, ngemindeni yabo nangokwezizwana zokhokho babo, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ababeneminyaka engama-20 nangaphezulu abase bengaya empini:
“Balani bonke abaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abaphuma eGibhithe njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose nabantu bakwa-Israyeli.” Nampa-ke abakwa-Israyeli abaphuma eGibhithe: