Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri, u-Ashibheli, uGera, uNahamani, u-Ehi, uRoshi, uMuphimu, uHuphimu, no-Aridi.
UNumeri 26:41 - IsiZulu 2020 Yilabo-ke abozalo lukaBhenjamini ngemindeni yabo; ababalwayo babeyizi-45 600. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabo abo oonyana bakaBhenjamin ngokwemizalwane yabo, ababalwayo kubo ngamashumi omane anamahlanu amawaka, anamakhulu mathandathu. |
Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri, u-Ashibheli, uGera, uNahamani, u-Ehi, uRoshi, uMuphimu, uHuphimu, no-Aridi.
Abozalo lukaBhela kwakungama-Arida namaNahamani; ku-Arida: ngumndeni wabakwa-Arida; kuNahamani: ngumndeni wabakwaNahamani.
Abozalo lukaDani ngemindeni yabo yilaba: kuShuhamu: ngumndeni wabakwaShuhamu. Yileyo-ke imindeni kaDani.
AbakwaBhenjamini ababalwa ngalolo lusuku babengamadoda ayizi-26 000 ahlome ngenkemba, aphuma emizini yakhona, zingabaliwe izakhamuzi zaseGibheya. Amadoda abalwa, akhethwa ayengama-700.