“Juda, abafowenu bayokudumisa. Isandla sakho siyohlala entanyeni yezitha zakho, amadodana kayihlo akukhothamele.
UNumeri 26:22 - IsiZulu 2020 Yileyo-ke imindeni kaJuda, ababalwayo babeyizi-76 500. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu. Contemporary Zulu Bible 2024 Yileyo eyimindeni yakwaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane eziyishumi nesithupha namakhulu amahlanu. |
“Juda, abafowenu bayokudumisa. Isandla sakho siyohlala entanyeni yezitha zakho, amadodana kayihlo akukhothamele.
Noma uJuda wayenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.
Abozalo lukaPherezi yilaba: kuHezironi: ngumndeni wabakwaHezironi; kuHamule: ngumndeni wabakwaHamule.
Kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso mayelana nobuphristi.