UNumeri 26:11 - IsiZulu 2020 Kodwa amadodana kaKhora awafanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha amadodana kaKora awafanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa abantwana bakaKora abazange bafe. |
UShalumi kaKhore, ka-Ebhiyasafa, kaKhora, nabafowabo bendlu kayise, amaKhorahi; babephethe umsebenzi wenkonzo, bengabalindi bompheme wethabanakeli. Okhokho babo babengabalindisango benkambu kaSimakade.
Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela Wena Nkulunkulu.
Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, nokhokho bethu besitshela lokho owakwenza emihleni yabo, emihleni yasemandulo.
Inhliziyo yami iyaphuphuma ngenxa yendaba enhle, ngikhuluma ngegama engiliqambe ngenkosi, ulimi lwami lulusiba lobhala ngokushesha.
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.
UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.
Amadodana kaKhora: ngu-Asiri, u-Elikhana, no-Abhiyasafa. Yiyo-ke le imindeni kaKhora.
Base bekhuphuka ngasemathendeni oKhora noDathani no-Abhiramu. ODathani no-Abhiramu nomkabo namadodana nezingane zabo, baphuma bama ngasemnyango wamathende abo.
Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo; nabo bonke abantu bakaKhora nempahla yabo yonke.
Baya kwalasha bezwa, nakho konke okungokwabo. Umhlaba wabagubuzela; bafa kanjalo phambi kwebandla.
Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.
Abozalo lukaSimeyoni ngemindeni yabo yilaba: kuNemuweli: ngumndeni wabakwaNemuweli; kuJamini: ngumndeni wabakwaJamini; kuJakhini: ngumndeni wabakwaJakhini;
nalokho akwenza kuDathani naku-Abhiramu, amadodana ka-Eliyabe kaRubeni, lapho umhlaba uvula umlomo wawo ubagwinya nabendlu yabo, amathende abo, nayo yonke imfuyo yabo eyayiphakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.
“Oyise abayukubulawa ngenxa yamadodana, namadodana awayukubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyobulawa ngenxa yesono sakhe.