USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.
UNumeri 25:9 - IsiZulu 2020 Kepha lwase lwedlule nabantu abayizi-24 000. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane. Contemporary Zulu Bible 2024 Abafayo ngesifo babeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nane. |
USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.
USimakade wayesebashaya abantu ngobhubhane, ngokuba benza ithole, lelo elalenziwe ngu-Aroni.
Lawo madoda ayelethe umbiko omubi ngezwe, aqedwa ubhubhane phambi kukaSimakade.
Bhekani, yibo ababeyenga abantu bakwa-Israyeli belulekwe nguBhileyamu, benza abakwa-Israyeli ukuba bangathembeki kuSimakade ngalokho abakwenza ePheyori, kwase kuhlasela ubhubhane phakathi kwenhlangano kaSimakade.
Masingafebi njengokuba abanye babo bafeba, bafa ngalusuku lunye abayizi-23 000.