UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko.
UNumeri 24:23 - IsiZulu 2020 UBhileyamu wethula umbiko wakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila lapho uNkulunkulu enza lokhu na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathatha isisho sakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila, lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Wasethatha umfanekiso wakhe, wathi: Maye, ngubani oyakuphila, uma uNkulunkulu ekwenza lokhu? |
UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko.
“Ngubani ongamela usuku lokufika kwaso na? Ngubani oyakuma lapho sibonakala na? Ngokuba sinjengomlilo womcwengi nanjengensipho yomhlanzi.
Akukho mlingo ongamelana noJakobe, nakubhula okungamelana no-Israyeli. Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli: ‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’
kodwa uKhayini uzochithwa; kuze kube yileso sikhathi u-Ashuri azonithumba ngaso.”
Kuyakuvela imikhumbi eKhithimi eyakuhlupha u-Ashuri no-Ebhere, nabo bagcine ngokubhujiswa.”