UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.
UNumeri 24:14 - IsiZulu 2020 Bheka, manje sengiphindela kwabakithi, kodwa-ke woza ngikweluleke ukuthi laba bantu bazokwenzani kubantu bakho ezinsukwini ezizayo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Manje bheka, sengiya kubantu bakithi; woza, ngikwazise lokho lababantu abayakwenza kubantu bakho ekupheleni kwezinsuku. |
UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.
Bayohlanganiswa ndawonye, njengeziboshwa ziqoqelwa emgodini, bayovalelwa ejele, kuthi emva kwezinsuku eziningi, bajeziswe.
Kepha ngiyakukuguqula ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” kusho uSimakade. Kuphela lapha ukwehlulelwa kukaMowabi.
“Kepha kuyakuthi ngezinsuku zokugcina ngikuguqule ukuthunjwa kwe-Elamu,” kusho uSimakade.
Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”
Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukhadinezari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:
Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.
Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”
“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;
“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;
Phakathi kwalabo u-Israyeli ababulala ngenkemba kwakungoBhileyamu, indodana kaBheyori owayengumbhuli.
Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.
“ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe.