UNumeri 23:28 - IsiZulu 2020 UBhalaki wamthatha uBhileyamu wamyisa esiqongweni iPheyori elibheke ngezansi ngasehlane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBalaki wamyisa uBileyamu esiqongweni sasePeyori elibheke ngenzansi ngasehlane. Contemporary Zulu Bible 2024 UBalaki wamyisa uBileyamu esiqongweni sasePeyori esibhekene noJesimoni. |
Basuka eBhamothi, baya esifundeni sakwaMowabi nasesiqongweni iPhisiga, elibheke ezansi ngasehlane.
UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Ngiyakuncenga woza, siye kwenye indawo, mhlawumbe uNkulunkulu uyakuthokoza ngayo bese ungiqalekisela bona lapho.”
UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Ngakhele ama-althare ayisikhombisa lapha, bese ungilungisela izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”
Kuthe lapho uBhileyamu ebona ukuthi kuyamthokozisa uSimakade ukubusisa u-Israyeli, wangabe esahamba njengasemihleni ukuyofuna imilingo, kodwa waphendukela ngasogwadule.