Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”
UNumeri 23:26 - IsiZulu 2020 UBhileyamu waphendula, wathi kuBhalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke akushoyo uSimakade ngizokwenza na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uBileyamu waphendula wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ngokuthi: Konke uJehova akukhulumayo ngiyakukwenza na?” |
Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”
Kepha uMikhaya wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akushoyo uNkulunkulu wami yikhona engizakukukhuluma.”
UBhileyamu waziphendula izinceku zikaBhalaki, wathi: “Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, ngingeleqe izwi likaSimakade, uNkulunkulu wami, ngenze into noma ngabe inkulu noma incane kangakanani.
UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.”
Wabuyela kuye wamfica emi eceleni komnikelo wakhe wokushiswa ekanye nezikhulu zakwaMowabi. UBhalaki wathi kuye: “Utheni uSimakade na?”
UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Ungalokothi ubaqalekise abakwa-Israyeli, futhi ungalokothi ubabusise!”
UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Ngiyakuncenga woza, siye kwenye indawo, mhlawumbe uNkulunkulu uyakuthokoza ngayo bese ungiqalekisela bona lapho.”
UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Yima maqondana nomnikelo wakho wokushiswa, mina ngizohamba, mhlawumbe uSimakade uyohlangana nami, angikhombise izwi nanoma yikuphi engifanele ukuba ngikusho kuwe.” Wayesenyukela egqumeni eliyiqwaqwasi.
Kodwa uPhethro nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.