Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.
UNumeri 23:20 - IsiZulu 2020 Bheka, unginike umyalo wokuba ngibusise; Yena ubusisile, mina angikwazi ukukuguqula lokho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, ngiyaliwe ukubusisa; yena ubusisile, anginakukubuyisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ngamukele umyalo wokuba ngibusise, futhi wabusisa; futhi angikwazi ukukuhlehlisa. |
Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.
ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,
U-Isaka wethuka wagedezela, wathi: “Ngubani kanti lona ozingele inyamazane wayiletha kimi, ngayidla ungakafiki, ngambusisa na? Yebo, uyohlala engobusisekileyo impela.”
ake uvume ukubusisa indlu yenceku yakho, ukuba ibe phambi kwakho kuze kube phakade, ngokuba okubusisile Wena Simakade, kubusisekile kuze kube phakade.”
Mina nginguye kwasemandulo. Akekho ongakusindisa okusesandleni sami, ngiyenza, ngubani ongakuvimba lokho na?”
UNkulunkulu wathi kuBhileyamu: “Awunakuhamba, awunakubaqalekisa labo bantu, ngoba babusisiwe.”
UBhileyamu waziphendula izinceku zikaBhalaki, wathi: “Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, ngingeleqe izwi likaSimakade, uNkulunkulu wami, ngenze into noma ngabe inkulu noma incane kangakanani.
UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.”
Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;