Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.
UNumeri 23:19 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na? Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga; nendodana yomuntu ukuba iphenduke; wathi futhi ngeke? noma ukhulumile angalungisi na? |
Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.
Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”
Owomndeni kaJerobhowamu ofela emzini, uyodliwa yizinja, lowo ofela endle, adliwe yizinyoni zezulu, ngokuba uSimakade ukhulumile.’
Yilelo izwi likaSimakade alikhuluma kuJehu, wathi: “Amadodana akho, kuze kube sesizukulwaneni sesine, ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba kanjalo.
Induna yenkosi eyayiyisethenjwa yamphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Uma uSimakade enza amafasitela ezulwini, lokhu kungenzeka kanjani na?” Wathi: “Uyakukubona ngamehlo akho, kodwa ungakudli.”
Nalokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; ukhulumile nangendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Simakade Nkulunkulu.
USimakade akayukuguquka, ufunge wagomela wathi: “Wena ungumphrofethi kuze kube phakade ngokukaMelkhizedeki.”
USimakade wafunga kuDavide, iqiniso angayukuguquka kulo, wathi: “Ovela okhalo lwakho ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.
Ngabe uNkulunkulu usekulibele yini ukuba nozwelo? Ngabe ulaka lwakhe selugabhe uzwelo analo na?”
Isivumelwano sami angiyukusaphula, nengikukhiphe ngezindebe zami angiyukukuguqula.
inani lensali yabaciba ngemicibisholo, amaqhawe aseKhedari, iyoba yingcosana,” ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.
Naye uhlakaniphile, uletha inhlekelele, kalibuyiseli emuva izwi lakhe, kodwa uyomelana nendlu yababi, nosizo lwabenza okubi.
Utshani buyabuna, imbali ivuthuluke, kodwa izwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade.
obiza inqe empumalanga nomuntu engizofeza ngaye icebo lami ezweni elikude; ngikhulumile, ngiyokukwenza lokhu; nginqumile, ngiyakukufeza.
Liyoba njalo izwi lami, eliphuma emlonyeni wami: aliyukubuyela kimi lilambatha, lingakakufezi lokho engikufunayo, liphumelele kulokho engilithumelele khona.
Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu liyakuba mnyama, ngokuba ngikukhulumile, nginqumile; anginakuguquka, anginakuphenduka kulokhu.”
Ngeke ngisaqhubeka nolaka lwami oluvuthayo, noma ngibhubhise u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu, ngingongcwele phakathi kwenu, angiyukufika ngolaka.
Uyakwethembeka kuJakobe ube nomusa ku-Abhrahama owafunga ngawo kobaba ezinsukwini zasemandulo.
Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.
Mina Simakade ngikhulumile. Ngiyakukwenza ngempela lokhu kuyo yonke le nhlangano eyonakele ehlangane yamelana nami kuleli hlane, bonke bayofela khona.”
UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “Sukuma Bhalaki, ubeke indlebe; ungilalele, wena ndodana kaZiphori.
Nokho akusikho ukuthi izwi likaNkulunkulu lehlulekile, ngokuba akusibo bonke abavela ku-Israyeli abangabakwa-Israyeli.
nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,
ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.
kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owakhuluma kuye, ethi: “INkosi yafunga, ayiyukuzisola, yathi: ‘Wena ungumphristi kuze kube phakade.’ ”
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?
Akukho nasinye kulezo zithembiso ezinhle uSimakade ayezethembise indlu ka-Israyeli esingafezekanga; zonke zafezeka.
Ngaphezu kwalokho oyiNkazimulo ka-Israyeli akawaqambi amanga, ngokuba akasiye umuntu ukuba azisole.”
Ngalolo lusuku ngiyakumehlisela u-Eli konke engamtshela ngakho mayelana nendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.