Wabuyela kuye wamfica emi eceleni komnikelo wakhe wokushiswa ekanye nezikhulu zakwaMowabi. UBhalaki wathi kuye: “Utheni uSimakade na?”
UNumeri 23:18 - IsiZulu 2020 UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “Sukuma Bhalaki, ubeke indlebe; ungilalele, wena ndodana kaZiphori. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “Vuka, Balaki, uzwe; ngilalele, wena ndodana kaSipori: Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “Vuka, Balaki, uzwe; ngilalele, ndodana kaSipori! |
Wabuyela kuye wamfica emi eceleni komnikelo wakhe wokushiswa ekanye nezikhulu zakwaMowabi. UBhalaki wathi kuye: “Utheni uSimakade na?”
UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?
U-Ehudi weza kuyo ngesikhathi ihleli yodwa ophahleni ekamelweni layo elipholile, wathi: “Nginomyalezo wakho ovela kuNkulunkulu.” Yayisisukuma esihlalweni sayo.