Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;
UNumeri 21:3 - IsiZulu 2020 USimakade walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela kuye amaKhanani, bawaqothula nemizi yawo; igama laleyo ndawo kwathiwa yiHorma. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.* Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wawanikela amaKhanani; bawaqalekisa nemizi yawo, waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iHorma. |
Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;
Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.
Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.
Abakwa-Amori ababehlala kwelezintaba baphuma banihlasela, banixosha kuhle kwezinyosi, baninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.
“Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.
UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, banqoba amaKhanani ayehlala eZefathi, balicekela phansi. Ngakho-ke umuzi wabizwa ngokuthi yiHorma.