UNumeri 21:1 - IsiZulu 2020 UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela ese-Atharimi. Walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela yase-Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi umKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli ufikile ngendlela yezinhloli; walwa no-Israyeli, wathumba abanye babo. |
Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.
UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayehlala eningizimu eKhanani, wezwa ngokufika kwabantu bakwa-Israyeli.
“USihoni waphuma, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzobhekana nathi, alwe nathi eJahazi.
Amadoda ase-Ayi abulala amabutho angama-36 empi yakwa-Israyeli, ayixosha eyisusa ngasesangweni yaze yayofika eShebharimi, ababulala emthambekeni. Izinhliziyo zabantu zadikibala, zaphelelwa ngamandla.
Abozalo loMkheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka nabozalo lukaJuda bisuka emzini wamasundu baya ehlane lakwaJuda eNegevu ese-Aradi. Yena wahamba wayohlala nabantu.