Ingxubevange yabantu yahamba nabo, imfuyo eningi kakhulu, imihlambi yezimbuzi, izimvu, nezinkomo.
UNumeri 20:19 - IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli bathi kuye: “Siyakuhamba ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nemfuyo yami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye: “Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nezinkomo zami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.” Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye: “Sizohamba ngomgwaqo omkhulu; uma mina nezinkomo zami siphuza amanzi akho, ngiyakuwakhokhela; Ngizovele ngidlule ngezinyawo zami ngaphandle kokwenza lutho. |
Ingxubevange yabantu yahamba nabo, imfuyo eningi kakhulu, imihlambi yezimbuzi, izimvu, nezinkomo.
Uyongithengisela ukudla ngemali ukuba ngidle, namanzi ngemali ukuba ngiphuze; ngivumele nje kuphela ukuba ngidabule ngezinyawo,
Niyothenga kubo ngesiliva ukudla eniyokudla, namanzi eniyowaphuza, niwakhokhele isiliva.” ’
Izinkomazi zangena indlela, zabheka ngaseBhethi Shemeshi, zihamba endleleni, zihamba zibhonsa, aziphambukelanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Amakhosi amaFilisti azilandela aze afika emngceleni eBhethi Shemeshi.