UNumeri 2:4 - IsiZulu 2020 Ibutho lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-74 600. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha. Contemporary Zulu Bible 2024 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisithupha. |
Abakanisa ngasempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga kuyakuba ngabebhanela lenkambu yakwaJuda ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaJuda kunguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
Abakanisa eceleni kwakhe kuyakuba yisizwana sakwa-Isakhare. Umholi wabozalo lwabakwa-Isakhare kuyakuba nguNethaneli indodana kaZuwari;