Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe.
UNumeri 2:33 - IsiZulu 2020 AbaLevi ababalwanga phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha amaLevi ayengabalwa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa amaLevi ayengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli; njengalokho uJehova emyalile uMose. |
Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe.