Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.
UNumeri 2:32 - IsiZulu 2020 Yilaba-ke ababalwa kubantu bakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo. Bonke ababalwa enkanjini ngamaviyo abo babeyizi-603 550. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo ababalwayo kubantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise; bonke ababalwayo bamakamu ngamabandla abo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabo abo ababalwayo koonyana bakaSirayeli, ngokwezindlu zooyise; bonke ababalelwa eminqubeni ngamabandla abo ngamakhulu omathandathu amawaka, anesithathu samawaka, anamakhulu mahlanu, anamanci mahlanu. |
Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.
Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.
Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo abahamba ngezinyawo bayizi-600 000, wena uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba bayidle inyanga yonke.’
Bonke ababalwayo benkambu yakwaJuda babeyizi-186 400 ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.