UNumeri 2:21 - IsiZulu 2020 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-32 200. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili. Contemporary Zulu Bible 2024 Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili. |
Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwana sakwaManase; umholi wabozalo lwabakaManase kunguGamaliyeli indodana kaPhedazuri.
Isizwana sakwaBhenjamini; umholi wabozalo lwabakwaBhenjamini kungu-Abhidani indodana kaGideyoni.