Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa, indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwangwa nasezizukulwaneni njengezibulo.
UNumeri 2:10 - IsiZulu 2020 Ibhanela lenkambu yakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaRubeni kungu-Elizuri indodana kaShedewuri. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ibhanela* lekamu lakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba ngu-Elisuri indodana kaShedewuri. Contemporary Zulu Bible 2024 Ibhanela lekamu likaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba ngu-Elisuri indodana kaSedewuri. |
Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa, indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwangwa nasezizukulwaneni njengezibulo.
Kwase kusuka ibhanela lenkambu yakwaRubeni ngamaqembu ayo. Laliholwa ngu-Elizuri, indodana kaShedewari.
Uma senihlaba umkhosi okwesibili izinkambu ezingaseningizimu ziyosuka, ziyohlaba umkhosi ekusukeni kwazo.
Ngosuku lwesine kwakungu-Elizuri, indodana kaShedewuri, umholi wabozalo lukaRubeni.
Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Elizuri, indodana kaShedewuri.