Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 19:17 - IsiZulu 2020

“ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo bakuthele ndawonye esitsheni,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo ayakuthelwa kanye nawo esitsheni,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kumelwe bathathele ongcolile emlotheni wenkomo yokushiswa yesihlambululo sesono, kuthelwe kuwo amanzi agelezayo ngesitsha.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 19:17
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho izinceku zika-Isaka zimba esigodini zathola umthombo ogelezayo.


Isiphethu sezivande, umthombo wamanzi aphilayo, ogeleza uvela eLebhanoni!


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


umuntu ohlambulukileyo uyothatha ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo ithende, nezitsha zonke, nabantu abalapho, nalowo othinte ithambo, noma obuleweyo, noma isidumbu, noma ithuna.


“ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, ayowuchitha ngaphandle kwenkambu endaweni ehlambulukileyo, uyakugcinelwa inhlangano yabantu bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuhlambulula; ungumnikelo wesono.


konke okungeke kushe emlilweni, niyokudabulisa kuwo kuhlambuluke. Noma kunjalo niyokuhlambulula futhi ngamanzi okuhlambulula. Konke okushayo emlilweni, niyokudabulisa emanzini, kuhlambuluke.


Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”


Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza labo abangcolileyo, kuhlambulula kuhlanzeke ngokwenyama,


ngokuba iWundlu elingaphakathi kwesihlalo sobukhosi liyabelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila, noNkulunkulu uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo.”