Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 19:12 - IsiZulu 2020

Uyozihlambulula ngamanzi ngosuku lwesithathu, ngosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka. Kodwa uma engazihlambululanga ngawo ngosuku lwesithathu, akayukuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kumelwe azihlanze ngayo ngosuku lwesithathu, futhi ngosuku lwesikhombisa kumelwe abe ohlanzekile; kepha uma engazihlambululi ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 19:12
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngihlanze ngehisophi, ngihlambuluke, ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.


Wathi kubantu: “Zilungiseleleni lezi zinsuku ezintathu; ningasondeli kwabesifazane.”


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe.


Uyakulifafaza kasikhombisa kulowo ohlanjululwayo ochokweni, amemezele ukuthi uhlambulukile, bese eyayiyeka inyoni ephilayo, indizele endle.


kodwa inyama eyosala kuze kube lusuku lwesithathu, iyoshiswa ngomlilo.


“Bonke phakathi kwenu ababulele umuntu, nabathinte isidumbu, mabahlale ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Zihlambululeni nabathunjwa ngosuku lwesithathu nolwesikhombisa.


Akenzanga mehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.