Nokho, ngiyakubenza babe ngabagcini benkonzo yendlu, kuwo wonke umsebenzini wayo, nakukho konke okuyakwenziwa kuyo.
UNumeri 18:4 - IsiZulu 2020 Bayakuzihlanganisa nawe, bagcine inkonzo yethende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wethende; umfokazi akayukusondela kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayakuhlanganiswa nawe, bagcine inkonzo yetende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wetende; umfokazi akayikusondela kuwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe bahlangane nawe bagcine inkonzo yetende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wenkonzo yetende; futhi umfokazi angeze eze kini. |
Nokho, ngiyakubenza babe ngabagcini benkonzo yendlu, kuwo wonke umsebenzini wayo, nakukho konke okuyakwenziwa kuyo.
Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa.
AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
Bayokwenza wonke umsebenzi wakho nomsebenzi wonke wethende, kodwa abayukusondela empahleni yendlu engcwele nase-althare, ukuze bona nani ningafi.
“Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-althare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantu bakwa-Israyeli.
Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”
Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.”
Kepha bangabasiza abafowabo ethendeni lokuhlangana ukuze bagcine imisebenzi yabo, nokho bona ngeke besawenza lowo msebenzi. Uyokwenza kanjalo-ke kubaLevi maqondana nemisebenzi yabo.”
Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.