“Yisho futhi kubo uthi: ‘Uma ninikela ngokwekhethelo kwakho, kuyakubalelwa kubaLevi njengesivuno sesibuya nanjengesivuno sesikhamo sewayini.
UNumeri 18:31 - IsiZulu 2020 Niyakukudlela noma kuyiphi indawo, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu ethendeni lokuhlangana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana. Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nezindlu zenu, ngokuba lokhu kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana. |
“Yisho futhi kubo uthi: ‘Uma ninikela ngokwekhethelo kwakho, kuyakubalelwa kubaLevi njengesivuno sesibuya nanjengesivuno sesikhamo sewayini.
Lapho seninikelile ngokwekhethelo kwakho, aniyukuba nacala, kodwa aniyukuzingcolisa izinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, futhi aniyukufa.’ ”
Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso.
Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona, ngokuba isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso. Ningaphumi ningena izindlu ngezindlu.
Ngokuba yikuphi eningenzelwanga khona kunamanye amabandla, uma kungeyisikho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni-ke lelo cala.
Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo ezintweni zonke ezinhle.