Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
UNumeri 18:27 - IsiZulu 2020 Umnikelo wenu uyakubalelwa kini, njengokusanhlamvu kwesibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umnikelo wenu wokuphakanyiswa uyakubalelwa nina, njengalokho bekungamabele esibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini. Contemporary Zulu Bible 2024 Lo mnikelo wenu kumelwe ubalelwe kini njengokungathi ukolweni wasesibuyani nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini. |
Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
Kepha yathi: “Uma uSimakade engakusizi, mina ngingalutholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini?”
Niyonikela ngeqebelengwane lenhlama yenu yokuqala libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyowenza kanjalo.
“Uyobatshela abaLevi uthi kubo: ‘Uma nithatha okweshumi kwabantu bakwa-Israyeli engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, anonikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, okweshumi kokweshumi.
Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukela kubantu bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umphristi, ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade.
“Yisho futhi kubo uthi: ‘Uma ninikela ngokwekhethelo kwakho, kuyakubalelwa kubaLevi njengesivuno sesibuya nanjengesivuno sesikhamo sewayini.
Uyomupha kuvame izimvu, nanoma yini evela esibuyeni sakho, nasesikhamweni sakho sewayini; njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile, wenze kanjalo nakuye.