UNumeri 17:6 - IsiZulu 2020 UMose wakhuluma kubantu bakwa-Israyeli, kwathi bonke abaholi bamnika izintonga zabo. Intonga ngayinye kulowo nalowo mholi njengokwezindlu zokhokho; izintonga ezili-12. Intonga ka-Aroni yayiphakathi kwezintonga zabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli; yileso naleso izikhulu zabo zamnika intonga, yileso naleso sikhulu ngemindeni yabo, izinduku eziyishumi nambili; intonga ka-Aroni yayiphakathi kwezinti zabo. |
Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane.
Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”
Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”