UNumeri 16:7 - IsiZulu 2020 nifake kuzo amalahle avuthayo, nifake impepho kuzo kusasa phambi kukaSimakade. Kuyothi lowo uSimakade amkhethayo abe ngcwele. Kade nikwenza lokhu madodana kaLevi, kodwa namuhla nifike ekugcineni!” IBHAYIBHELI ELINGCWELE nifake kuyo umlilo, nibeke impepho kuyo phambi kukaJehova kusasa; kuyakuthi umuntu amkhethayo uJehova, abengcwele; sekwanele okwenu, madodana kaLevi.” Contemporary Zulu Bible 2024 Uthele umlilo kulo, uthele impepho kuyo phambi kukaJehova, futhi umuntu uJehova amkhethayo uyakuba ngcwele; nithatha kakhulu, madodana kaLevi. |
Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?”
Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.
njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe.
Kepha thina simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba uNkulunkulu wanikhetha ukuba nibe ngabokuqala ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso,
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.