UNumeri 16:47 - IsiZulu 2020 U-Aroni wasithatha njengalokhu ekhulumile uMose, wagijima waya phakathi kwebandla. Uyabona-ke, lwaseluqalile ubhubhane phakathi kwabantu; wafaka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Aroni wayesekuthatha njengalokho ekhulumile uMose, wagijima phakathi kwebandla; bheka, isifo sase siqalile phakathi kwabantu; wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Aroni wathatha njengalokho emyalile uMose, wagijimela phakathi kwebandla; bheka, isifo saqala phakathi kwabantu, wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. |
UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha sempepho, ufake kuso amalahle avuthayo ase-althare, nempepho, uphuthume uye ebandleni uyolenzela ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaSimakade isiphumile, seluqalile ubhubhane.”
Siyakuba ngesakhe nezizukulwane zakhe, kube yisivumelwano sobuphristi obuphakade, ngokuba ube nentshisekelo ngoNkulunkulu wakhe, wenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”
Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo