“Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho, u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho,
UNumeri 15:16 - IsiZulu 2020 Kuyoba ngumthetho munye nesimiso esisodwa kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuba ngumthetho munye nesimiso sinye kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyosebenza umthetho owodwa nendlela eyodwa kini nakumfokazi ogogobeleyo kini. |
“Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho, u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho,
Umthetho oyakubekelwa abozalo nabafokazi abagogobele phakathi kwenu uyakufana.”
Niyoba nesehlulelo esifanayo kumfokazi nakowozalo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”
“ ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephula noma yimuphi umyalo kaSimakade ayale ukuba ungephulwa, aze azilethele icala,
Le mizi iyokuba ngeyokuphephela kubantu bakwa-Israyeli, kumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulala umuntu ngokungenhloso abalekele kuyo.
“ ‘Uma umfokazi ogogobele phakathi kwenu, ethanda ukugcina iphasika kuSimakade, uyokwenza kanjalo njengokwesimiso sephasika nangokomthetho walo. Kuyakuba yisimiso esifanayo nakini nakogogobele phakathi kwenu nakwabokuzalwa ezweni.’ ”
Bonke abakwa-Israyeli, abaholi, izinduna nabehluleli babo, abafokazi naboselwa, bama ngapha nangapha komphongolo wesivumelwano sikaSimakade phambi kwabaphristi babaLevi ababethwele umphongolo. Enye ingxenye yabantu yayiphambi kwentaba iGerizimu, enye ingxenye iphambi kwentaba i-Ebhali, njengokuba uMose, inceku kaSimakade, ayebayalile ukuze babusise abantu bakwa-Israyeli njengasezikhathini ezedlule.