Yishoni kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli nithi: ‘Ngomhla zilishumi kule nyanga bayothatha yilowo nalowo mndeni, kube yiwundlu umndeni ngamunye.
UNumeri 15:11 - IsiZulu 2020 Kuyokwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi, noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi, noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe kwenziwe kanjalo ngenkunzi eyodwa noma ngenqama eyodwa noma ngewundlu noma izinyane lembuzi. |
Yishoni kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli nithi: ‘Ngomhla zilishumi kule nyanga bayothatha yilowo nalowo mndeni, kube yiwundlu umndeni ngamunye.
Uyonikela ngengxenye yehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwayo, kube ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade.
njengokwenani enililungisileyo, niyokwenza kanjalo kuleyo naleyo njengokwenani lazo.
newayini libe ngumnikelo wokuphuzwayo, uyonikela okwesine kwehini noma nomnikelo wokushiswa kube yimvana eyodwa yomhlatshelo.
ngaphandle komnikelo wokushiswa wokwethwasa kwenyanga nomnikelo wawo wokusanhlamvu, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu, neminikelo yayo yokuphuzwayo ngokwesimiso sayo, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.