Basuka entabeni kaSimakade, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu. Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu, ukubafunela indawo yokuphumula.
UNumeri 14:44 - IsiZulu 2020 Bakhuphukela esiqongweni sezwe lezintaba ngokuziqhayisa nakuba umphongolo wesivumelwano sikaSimakade noMose ungaphumanga enkanjini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqongweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.* Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa baba nesibindi sokukhuphukela esiqongweni sentaba; nokho umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose abasukanga ekamu. |
Basuka entabeni kaSimakade, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu. Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu, ukubafunela indawo yokuphumula.
Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.”
“ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,
UMose wawathumela empini, inkulungwane ivela kuleso naleso sizwana kanye noFinehasi, indodana ka-Eleyazare, umphristi, ephethe ngesandla izitsha zendawo engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi.
“Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba.