Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.
UNumeri 14:40 - IsiZulu 2020 Bavuka ekuseni ngovivi, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, siyakuya endaweni ayithembisile uSimakade, nakuba sonile.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bavuka ekuseni kakhulu, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.” Contemporary Zulu Bible 2024 Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuphukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bheka, silapha, senyukela endaweni uJehova ayithembisayo, ngokuba sonile.” |
Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.
“ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,
UBhileyamu wathi engelosini kaSimakade: “Ngonile ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni, umelene nami; uma kukubi ukuba ngiqhubekele phambili, ngizophindela emuva.”
Uma umninindlu esesukumile wavala umnyango, niyakuma ngaphandle, ningqongqoze emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ yena uyakuphendula, athi: ‘Anginazi ukuthi nivela kuphi.’
“Naphendula, nathi kimi: ‘Sonile kuSimakade; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uSimakade uNkulunkulu wethu.’ Nahloma, yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele kwelezintaba.
“Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba.