UNumeri 14:38 - IsiZulu 2020 Kepha uJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune bona basinda kunalawo madoda ababehambe nawo ukuyohlola izwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune, ababephakathi kwamadoda ahamba ukuhlola izwe, babesaphila. |
Lawo madoda ayelethe umbiko omubi ngezwe, aqedwa ubhubhane phambi kukaSimakade.
UMose wakhuluma lawa mazwi kubo bonke abantu bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.
ngoba uSimakade wayekhulumile ngabo, wathi: “Impela bayofela ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune, noJoshuwa, indodana kaNuni.