UNumeri 13:8 - IsiZulu 2020 Owesizwana sakwa-Efrayimi: nguHosheya, indodana kaNuni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHosheya indodana kaNuni. Contemporary Zulu Bible 2024 Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHoseya indodana kaNuni. |
Lapho uJoshuwa ezwa umsindo wabantu bememeza, wathi kuMose: “Kunomsindo wempi enkanjini.”
UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose kwasebusheni bayo, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.”
Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuyohlola izwe. UMose waqamba uHosheya, indodana kaNuni, ngokuthi nguJoshuwa.
USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.
Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”
UMose noJoshuwa, indodana kaNuni, wafika wakhuluma wonke amazwi aleli hubo kubantu bonke belalele.
UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
Bamphendula uJoshuwa bathi: “Konke lokho osiyale ngakho sizokwenza, futhi noma kuphi lapho usithuma khona siyakuya.
Ngokomyalo kaSimakade bamnika umuzi ayewucelile, iThiminathi Sera kwelezintaba kwa-Efrayimi; wawakha kabusha umuzi, wahlala kuwo.