Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.
UNumeri 13:4 - IsiZulu 2020 Lawa ngamagama awo: Owesizwana sakwaRubeni: nguShamuwa, indodana kaZakhuri. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawa angamagama abo: Owesizwe sakwaRubeni: uShamuwa indodana kaZakuri. Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa angamagama abo: esizweni sakwaRubeni: nguShamuwa indodana kaSakuri. |
Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.
Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni.
Nanka amadodana ka-Israyeli: uRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uZebuloni,
“Nanka amagama ezizwe: UDani uyakuba nesabelo, kusukela emngceleni osenyakatho eceleni komgwaqo eHethiloni kuya eLebho Hamathi, kuze kuyofika eHazari Enani elingumngcele eDamaseku ngasenyakatho eceleni kweHamathi, kuya ohlangothini olusempumalanga kuze kube sentshonalanga.
UMose wawathuma amadodana esuka ehlane iPharanu ngesiyalezo sikaSimakade. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zabantu bakwa-Israyeli.
Lawa madoda uMose ayewathumele ukuyohlola izwe, abuya ekhononda, enza nenhlangano yonke ikhononde ngaye, ngokuletha umbiko omubi ngezwe.
Nibathenelani amandla abakwa-Israyeli baze bangafuni ukuwela baye ezweni uSimakade abanike lona na?
Nanka amagama amadoda aqokwa: esizwaneni sakwaJuda: nguKhalebhu indodana kaJefune.