Kwabuye futhi kwaba khona impi eGathi, kwakukhona lapho umuntu owayengumdondoshiya, owayeneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, enezinzwani eziyisithupha onyaweni ngalunye, kungama-24 kukonke; naye wayezalwa yiRefa.
UNumeri 13:32 - IsiZulu 2020 Abethulela umbiko omubi abantu bakwa-Israyeli ngezwe ayelihlolile, athi: “Izwe esidabule kulo ukuyolihlola, liyizwe elidla abakhileyo kulo, nabo bonke abantu esibabone kulo bayimidondoshiya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base belandisa abantwana bakwa-Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: “Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Baletha umbiko omubi ngezwe abalihlola kubantwana bakwa-Israyeli, bathi: “Izwe esadabula kulo ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; futhi bonke abantu esababona kulo bangabantu abade. |
Kwabuye futhi kwaba khona impi eGathi, kwakukhona lapho umuntu owayengumdondoshiya, owayeneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, enezinzwani eziyisithupha onyaweni ngalunye, kungama-24 kukonke; naye wayezalwa yiRefa.
Kwaphinda futhi kwaba nempi eGathi, lapho kwakukhona umuntu owayemude kakhulu; eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, kanjalo nasezinyaweni enezinzwani eziyisithupha unyawo ngalunye, sekukonke kungama-24. Naye wayezalwa ngamaRefa.
Ngiyakukwenza abantu bami u-Israyeli ukuba bachachaze phezu kwenu, bayakunithatha nibe yifa labo; awusayukuphinde ubaphuce abantwana.
“Mina nganikhipha eGibhithe, nganihola ehlane iminyaka engamashumi amane ukuba nidle izwe lama-Amori.
“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.
Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki.
“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’