Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 13:28 - IsiZulu 2020

Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa abantu abahlala kulelo zwe baba namandla, nemizi ibiyelwe ngezindonga, mikhulu kakhulu; futhi sabona nabantwana bakwa-Enaki lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 13:28
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide.


Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’


abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki. USimakade wawabhubhisa bebuka, wawaphuca izwe lawo, kwase kwakha abakwa-Amoni endaweni yawo.


Yonke leyo mizi yayibiyelwe ngezingange eziphakemeyo, inamasango nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu eyayingabiyelwe.


Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labakwa-Israyeli; kwasala kuphela ingxenye eGaza, eGathi, nase-Ashidodi.


Ngakho-ke manje nginike leli lezintaba uSimakade akhuluma ngalo ngalolo lusuku, ngokuba nezwa ngalolo lusuku ukuthi ama-Anaki ayelapho nemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uSimakade uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokusho kukaSimakade.”


UKhalebhu waxosha kuwo amadodana amathathu ka-Anaki: uSheshayi, u-Ahimani noThalimayi, ababeyizizukulwane zika-Anaki.


IHebhroni lanikwa uKhalebhu njengalokhu uMose ayeshilo, waxosha kuyo amadodana amathathu ka-Anaki.