UNumeri 13:16 - IsiZulu 2020 Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuyohlola izwe. UMose waqamba uHosheya, indodana kaNuni, ngokuthi nguJoshuwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe. UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa angamagama amadoda uMose awathuma ukuba ahlole izwe. UMose wabiza uHoseya, indodana kaNuni, ngokuthi uJoshuwa. |
UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume uyokulwa nama-Amaleki. Mina ngizobe ngimi esiqongweni sentaba, ngiphethe induku kaNkulunkulu esandleni.”
Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.
“Thumela amadoda ukuba ayohlola iKhanani engizakulinika abantu bakwa-Israyeli. Uthumele umuntu abe munye kuleso naleso sizwana sokhokho babo, yilowo nalowo abe ngumholi phakathi kwaso.”
abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni.
UJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune, ababephakathi kwalabo ababeyohlola izwe, baklebhula izingubo zabo,
USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,
Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,
Njengalokhu esho nakuHoziya ethi: “Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami, ngokuthi yisizwe sami; nalowo ongathandiwe, ngokuthi uthandiwe;
UMose noJoshuwa, indodana kaNuni, wafika wakhuluma wonke amazwi aleli hubo kubantu bonke belalele.
Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku.