UNumeri 11:19 - IsiZulu 2020 Aniyukuyidla nje usuku lube lunye, noma izinsuku ezimbili, noma izinsuku eziyisihlanu, noma izinsuku ezilishumi, noma izinsuku ezingama-20, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Aniyikuyidla usuku lube lunye, noma izinsuku zibe zimbili, noma izinsuku zibe yisihlanu, noma izinsuku zibe yishumi, noma izinsuku zibe ngamashumi amabili, Contemporary Zulu Bible 2024 Aniyikudla usuku olulodwa noma izinsuku ezimbili noma ezinhlanu noma izinsuku eziyishumi noma izinsuku ezingamashumi amabili; |
“Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, niyokudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaSimakade, nathi: “Ngubani oyosipha inyama yokuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibhithe;” yingakho nje uSimakade ezoninika inyama ukuba niyidle.
kodwa inyanga yonke, ize iphume ngamakhala, niyitshokoze, niyenyanye, ngokuba nimlahlile uSimakade ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe, nathi: “Kungani kube nje, saphumelani eGibhithe na?” ’ ”