“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.
UNumeri 10:5 - IsiZulu 2020 Uma nihlaba umkhosi, izinkambu ezingasempumalanga ziyosuka zihambe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nxa nihlaba umkhosi, amakamu* asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uhlaba umkhosi, amabhodi asohlangothini lwasempumalanga kumelwe aye phambili. |
“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.
Bethani uphondo eZiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele, mazithuthumele zonke izakhamuzi ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaSimakade, impela selusondele.
Kwasuka kuqala ibhanela lenkambu yabozalo lukaJuda ngamaqembu abo, beholwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba.