UNumeri 1:54 - IsiZulu 2020 Abakwa-Israyeli benza konke njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke. |
Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.
UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.
Lapho bengena ethendeni lokuhlangana nalapho besondela e-althare, babegeza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe.
UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.
Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.
Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.
Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”
“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”
USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.