Ababemele izizwana zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwesakwaRubeni, umbusi kwakungu-Eliyazeri, indodana kaZikhiri. KwesakwaSimeyoni kunguShefathiya, indodana kaMahakha.
UNumeri 1:5 - IsiZulu 2020 Nanka amagama amadoda azonisiza: “kwaRubeni: u-Elizuri indodana kaShedewuri. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri. Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: esizweni sakwaRubeni; u-Elisuri indodana kaSedewuri. |
Ababemele izizwana zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwesakwaRubeni, umbusi kwakungu-Eliyazeri, indodana kaZikhiri. KwesakwaSimeyoni kunguShefathiya, indodana kaMahakha.
Kwasuka kuqala ibhanela lenkambu yabozalo lukaJuda ngamaqembu abo, beholwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba.
Kwase kusuka ibhanela lenkambu yakwaRubeni ngamaqembu ayo. Laliholwa ngu-Elizuri, indodana kaShedewari.
Ibhanela lenkambu yakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaRubeni kungu-Elizuri indodana kaShedewuri.
Abakanisa ngasempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga kuyakuba ngabebhanela lenkambu yakwaJuda ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaJuda kunguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
Ngosuku lokuqala uNaheshoni, indodana ka-Aminadaba wesizwana sakwaJuda, waletha umnikelo wakhe.
Izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise nabaholi bezizwe ababebekwe phezu kwababalwayo, zenza umnikelo.
Ngosuku lwesine kwakungu-Elizuri, indodana kaShedewuri, umholi wabozalo lukaRubeni.