UNumeri 1:32 - IsiZulu 2020 Abozalo lukaJosefa, okungukuthi uzalo lwabakwa-Efrayimi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20, bonke abangaphuma impi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi: Contemporary Zulu Bible 2024 Kubantwana bakoJosefa, abantwana bakoEfrayimi, ngensendo zabo, ngezizukulwane zabo, ngezindlu zaboyise, ngokwenani lamabizo, kusukela koleminyaka engamatshumi amabili langaphezulu, bonke aba negunya. Ukuphuma ukuya empini; |
Kuthe uJosefa eseGibhithe wazala uManase no-Efrayimi ku-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni.
Ngiyakunixosha ebukhoneni bami njengalokhu ngenza nakubafowenu, bonke abozalo luka-Efrayimi.’
Abantu baseNegevu bayakudla intaba ka-Esawu, kuthi abaseShephela badle elamaFilisti, elakwa-Efrayimi nelaseSamariya, abakwaBhenjamini badle iGileyadi.
“NgoJosefa wathi: ‘Izwe lakhe malibusiswe nguSimakade ngamagugu asezulwini, ngamazolo, ngotwa olwenabileyo phansi,
Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’