U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.
UNehemiya 9:9 - IsiZulu 2020 “Wakubona ukuhlupheka kokhokho bethu eGibhithe nasoLwandle Lomhlanga, wakuzwa ukunxusa kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Wabona ukuhlupheka kwawobaba eGibithe, wezwa ukukhala kwabo ngaseLwandle Olubomvu; Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi salubona usizi lokhokho bethu eGibhithe futhi sezwa ukukhala kwabo oLwandle iSchelf; |
U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.
“Hamba uqoqe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘USimakade, uNkulunkulu wokhokho benu, uNkulunkulu ka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe uzibonakalisile kimi, wathi: “Ngikubonile konke okwenziwa kini eGibhithe,
“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.
Ngibonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibhithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza khona manje, ukuze ngikuthumele eGibhithe.’
Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila zaso; ngiyakusehlulela,’ kusho uNkulunkulu, ‘emveni kwalokho bayakuphuma, bangikhonze kule ndawo.’