Kwakulusuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. U-Ezra, umphristi, wayiletha incwadi yomthetho phambi kwebandla, abesilisa, nabesifazane nabo bonke ababezwa, baqonde.
UNehemiya 8:18 - IsiZulu 2020 Nsuku zonke, kusukela osukwini lokuqala lomkhosi kuze kube ngolokugcina, wayefunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu. Bawugubha izinsuku eziyisikhombisa, kwathi ngosuku lwesishiyagalombili bahlangana, ukuze bawuvale ngesizotha umkhosi njengoba kubekwe emthethweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lokugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kwakungumhlangano ozothileyo njengomthetho. Contemporary Zulu Bible 2024 Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla, kusukela osukwini lokuqala kwaze kwaba osukwini lokugcina. Bawenza umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; kwathi ngosuku lwesishiyagalombili kwaba khona idili njengomthetho. |
Kwakulusuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. U-Ezra, umphristi, wayiletha incwadi yomthetho phambi kwebandla, abesilisa, nabesifazane nabo bonke ababezwa, baqonde.
Wafunda kuyo ebheke ngaseshashalazini elalingaphambi kweSango Lamanzi. Waqala entathakusa kwaze kwaba semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nalabo abasebenokuqonda.
Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuSimakade. Ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ongcwele, niyonikela ngomnikelo womlilo kuSimakade, ngumhlangano ohloniphekileyo; aniyukwenza msebenzi.
Niyakuwugubha uMkhosi kaSimakade izinsuku eziyikhombisa ngonyaka, lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; niyakuwugubha ngenyanga yesikhombisa.
“ ‘Ngosuku lwesishiyagalombili niyoba nombuthano ozothileyo; aniyukwenza msebenzi,
Kepha ngosuku lomkhosi lokugcina, uJesu wasukuma wamemeza, wathi: “Uma kukhona owomileyo, makeze kimi, aphuze.